FSP Licence Number 44816
*Imali oyitshalile isengozini

FSB Approved Licence Categories

IKhwezi Trade iwuphiko lwe-Khwezi Financial Services (Pty) Ltd, abahlinzeki bezimali bendabuko baseNingizimu Afrika (RSA) nabagunyaziwe (Inombolo yeFSP 44816). IKhwezi Trade lihlinzeka ngentilibathwa yamathuba kanye neplatifomu yokwenza uhwebo yezinga lomhlaba iMetaTrader 4, okukunikeza ikhambi elihle lazo zonke izidingo zakho zezohwebomali. Iplatifomu yethu ikuvumela ukuba uhwebe Ngezimali, Imikhiqizo kanye nama-Indices – konke usebenzisa amaRandi. Imali yakho igcinwa kuyi-akhawunti eseceleni yakwa-Standard Bank khona lapha eNingizimu Afrika, okukuvumela ukuba uyithole ngokushesha noma nini lapho uyidinga. Uthunyelelwa izitatimende nsuku zonke, ukuze uhlale wazi ukuthi kwenzekani kuyi-akhawunti yakho umzuzu nomzuzu.

Ukuqala

  • Chofoza inkinobho ethi vula isibonelo noma lena ethi vula i-akhawunti bese ugcwalisa ifomu lokufaka isicelo
  • Dawuniloda iBank Mandate, uyisayine bese uyithumela kanye namaphepha akho eFICA kuleli kheli lemeyili: info@khwezifs.co.za
  • Uzothunyelelwa umyalezo we-email oqinisekisa ukufika nokwamukelwa kwesicelo sakho, uzobe uqukethe imininingwane yakho yokungena kuwebhusayithi yethu kanye nemininingwane yethu yasebhange ukuze ufake imali khona
  • Dawuniloda iplatifomu yohwebo
  • Uma uqala ukusebenzisa iMetaTrader 4, ungalandela ilinki esekhasini lokuqeqesha leMetaTrader 4

Yini enhle ngayo

IKhwezi Trade inikeza abahwebi bakuyi-inthanethi konke abakudingayo ukuze bahwebe ezimakethe zemali zomhlaba wonke.

  • Ilawulwa kuleli (inombolo yelayisensi yeFSP 44816)
  • Kunezinhlobo ezihlukene zezinto ongahweba ngazo: Ukuhweba ngokuqhathaniswa kwezimali, Imikhiqizo, ama-Indices nokunye okuningi!
  • Iplatifomu yeMetaTrader 4: ihambelana kahle ne-Android kanye ne-iOS
  • Amaplatifomu okuhweba ahlelelwe abahwebi abazimele kanye nabasebenzisa ikhompyutha azenzelayo abuka kwawochwepheshe
  • Ufinyelela izinkomba ezibalelwa emakhulwini kanye nezinsizakuhweba
  • Isebenzisa iRandi
  • Izimali zakho zigcinwa kuyi-akhawunti ehlukile eStandard Bank yaseNingizimu Afrika
  • Izitatimende zakho zokuhweba zithunyelwa ekhelini lakho le-email nsuku zonke

INFORMATION

Email:
info@khwezifs.co.za
Cape Town:
Monty Barnard
Ph: +27 (0) 21 300 3117
Johannesburg:
Lionel Baird
Ph: +27 (0) 10 312 5194
Accounts:
Candice Bezuidenhout
Ph: +27 (0) 21 300 3117
Fax:
+27 (0)86 402 6266

Downloads:
MT4 Platform
MT4 iOS App
MT4 Android App
MT4 Manual
MT4 Quick Guide

Mandate and T&C's:
Bank Mandate (Electronic version)
Bank Mandate (Print version)
FSP Disclosure
FICA Requirements
Terms & Conditions
Ukudalulwa Kwengozi
Bluetooth Speaker Promotion